imbongiyosizi ekuzalweni kwenyama şarkı sözleri

Ekuzalweni kwenyama ukufa kuyisethembiso Ekuzalweni kwenyama ukufa kuyisethembiso Kukhala lesalukazi esimnkantsh' ubomvu Kwamhlaba sithi bantwana bami Sondelani ngininabele kabanzi Ngobude bendlela yakwamhlaba Nezigigaba zakhona ukuze Nangelinye ilanga ningalinge Nik'thathe kancane Ukuphila komphefumulo enyameni Baningi, bahambe Bengawafezanga amaphupho abo kuleli elimagade Kodwa nina ninikiwe ithuba lokulungisa ekusasa lenu Kepha, nolilungisa kanjani nisaphilela inamuhla Imihlwa, ilinde Ukuphela kwemihla yenu ngoba Ukufa ikhona okuyisethembiso Ngekusasa lenu Ngakhoke ke bazukulu bami Phakamiselani amehlo enu entabeni Nokuyilapho usizo lwenu lovela khona Ekuzalweni kwenyama Ukufa kuyisibopho sikasofa silahlane Indandatho, iyona lenyama eyingxenye yomhlabathi Okuwufakazi wokuthi uthuli luyabuyela othulini kithi sonke ngelinye ilanga Pho! Lapho izitatanyiswa namagugu omhlaba ayosala kuwo lomhlaba wezono Pho, kunganike, kungani? Ngampela ningaphilisani ngothando Nenhlonipho ngoba Ekugcineni ikona kuphela esosalanakho Ngale kwethuna lomhlabathi Kodwa ke vele lapha kwamhlaba,ziningi Izimbulu, ezingobululu ngenhloso yokuzuza Okuthile, bangaki kulabo Onabo abangani Aban'okukutakula obishini Lona, ngumbuzo mbumbulu veleke Bayingcosana ngakhoke Bantwana bami Utshani, oblele, buvuswa, ngomlilo Okubi nje, ukuthi, nabo lobotshani Masebushile, akusali lutho, ngakhokhe Abangani ekugcineni bayanyamalala
Sanatçı: ImbongiYosizi
Türü: Belirtilmemiş
Ajans/Yapımcı: Belirtilmemiş
Şarkı Süresi: 3:27
Toplam: kayıtlı şarkı sözü
ImbongiYosizi hakkında bilgi girilmemiş.

Fotoğrafı